Siyaqonda ukuthi iningi lamakhasimende linezikweletu ezisilele emuva ezingakaze zikhokhwe. UHulumeni wethu wethula uhlelo lweEEDBS ngenhloso yokusiza bonke abahlomuli abafanelekile abanezikweletu ezisilele emuva ezilokhu zikhula. Emva kokugunyazwa koxhaso lwe-EEDBS oluncike eholweni oluhlanganiswe labanikazi bomuzi, isikweletu sakho esisilele emuva sibe sesesulwa bese-ke i-akhawunti yakho ingabe isakweleta lutho. Kubeke sekulungiswa amaphepha okwedlulisela indlu bese enikezwa abameli abaqokiwe ukuze bedlulisele indlu. Abahlomuli ababinawo umthwalo wokukhokha izindleko kwazise zonke izindleko zokwedluliselwa kwendlu zithwalwa nguMnyango Wezokuhlaliswa kwabantu. Emva kokurejistwa, amahhovisi oMnyango Wezokuhlaliswa kwabantu noma emcimbini osingathwa nguNgqongqoshe wesifundazwe kube sekunikezelwa ngamatayitela kumuntu ngamunye.
I-EEDBS yilona kuphela uhlelo olusemthethweni uMnyango ongalusebenzisa ukwesula izikweletu ngokulandela imibandela yokufaneleka ebekwe kwinqubomgomo ye- EEDBS
Kusemqoka ukuqhubeka nokukhokha kwazise phela isivumelwano sakho sokuqashiselana noMnyango sibalula ukuthi unesibopho sokukhokha irenti nyanga zonke, ukwehluleka ukwenza lokho kuyoholela ekunqanyulweni kwesivumelwano sakho sokuqashiselana ngenxa yokungayikhokhi irenti. Okwesibili, emva kokuba i-akhawunti yakho isiguqulwe yaba ukuthenga, isikweletu sakho serenti esisilele emuva sifakwa emalini yokuthenga umuzi. Asikukhuthazi–ke lokhu ngoba kungakubeka engozini yokuthi ungafaneleki ukwesulelwa isikweletu ngokuphelele.
Ukuze uMnyango ukwazi ukukusiza, kumele uveze ubufakazi beholo lakho ukuze ucele ukuvunywa kwe-EEDBS ka-R7 500 ngokweholo lakho elingu-R14000.00 emva kokuvunywa kuyodingeka ukuthi unikeze uMnyango ubufakazi bokuchithwa kwesicelo sakho semali-mboleko yinanoma yiliphi ibhange. Kuyodingeka futhi ukuba ulethe ubufakazi bokuthi ngempela usohlwini lakwa-credit bureau kanye nekhophi yohlu lwakho lwezindleko zanyanga zonke, oluqinisekisa ukuthi usesimweni esibi sezezimali. Ngokwemininingwane yesimo somuntu ngamunye, kube sekwenziwa isethulo eNhlokweni yoMnyango esicela ukuvunywa kanye nokweswulwa kwesikweletu egameni lalowo ofaka isicelo.
Kuzomele ukuthi umndeni uthathe isinqumo maqondana nokuqokwa komabi wamafa, emva kwalokho-ke bese uya eMnyangweni wezoBulungiswa ukuze uthole incwadi yomabi wamafa/incwadi yegunya. Uma usuyitholile, umabi wamafa uyobe esefaka isicelo se-EEDBS eMnyangweni egameni lefa lalowo ongasekho emhlabeni. Ifa lalowo ongasekho emhlabeni liyobe selifaneleka ukuthola isaphulelo esigcwele sama-100% ngokwemibandela ye-EEDBS. Emva kokutholakala kwemvume kuyobe sekucutshungulwa amaphepha okwedluliselwa kwendlu egameni lamafa alowo ongasekho emhlabeni kanye nenkosikazi yakhe esaphila. Umndeni usungaqoka uMmeli oyobe esehlala nawo phansi ngenhloso yokuxazulula umbango ukuze kufinyelelwe esivumelwaneni maqondana nendlu. Kusemqoka ukuqondisa ukuthi umabi wamafa angeke akwazi ukwedlulisela indlu egameni lakhe.
Umnyango unebhukwana elichaza ngeholo elinganisiwe lomndeni elisukela kuma-R0 – 7001 kuya phezulu.
Yiya eMnnyangweni nobufakazi bokuthi indlu wayithenga (amarisidi, isivumelwano sokuthengiselana, kanye nencwadi efungelwe emaphoyiseni). Uma ungenabo ubufakzi besivumelwano sokuthengiselana kumbe irisidi, sicela ulethe incwadi efungelwe emaphoyiseni eshoyo ukuthi waqala nini ukuhlala kuleyo ndlu kanye nokuthi wayithenga kubani leyo ndlu. Kuyodingeka futhi ukuba ulethe incwadi yekhansela lewadi kanye nencwadi yomakhelwane bakho eqinisekisa iminyaka osuyihlale kuleyo ndlu. Emva kokuphothulwa kophenyo, uMnyango uyobe usunikeza oqashile ohlala ngokukungemthetho ithuba lokulungisa ukwephula kwabo umthetho, uma ehluleka lokho kungaholela ekunqanyulweni kwesivumelwano sabo sokuqashiselana noma sokuthengiselana ngenxa yokungahlali muntu kuleyo ndlu. Umnyango-ke uyobe usunqamula isivumelwano sokuqashiselana noma sokuthengiselana nalo oqashile osemthethweni bese wenza kube semthethweni ukuhlala kwalabo abasebenzisa leyo ndlu uma behlangabezana nemibandela yokufaneleka. Isinyathelo esilandelayo kuyobe sekuba ngesokuthi umhlomuli osemthethweni afake isicelo se-EEDBS ngokweholo elihlanganisiwe lomndeni.
Abanye omasipala banemithetho eqinile futhi badinga isitifiketi sesigaba 18(4) ngaphambi kokuba kwedluliselwe indlu. UMasipala uyaye ukhiphe lesi sitifiketi emva kokuhlolwa kwendlu yakho kanti-ke uma izinguquko noma ukunwetshwa kwendlu yakho kwenziwe ngaphandle kwepulani yokwakha egunyaziwe, ukwedluliselwa kwendlu yakho kuyomiswa kuze kube uveza ipulani yokwakha bese iyagunyazwa kumbe ucelwe ukuba ubhidlize leyo ngxenye exhunyiwe.