South Africa

FAQs

IsiZulu

Siyaqonda ukuthi iningi lamakhasimende linezikweletu ezisilele emuva ezingakaze zikhokhwe. UHulumeni wethu wethula uhlelo lweEEDBS ngenhloso yokusiza bonke abahlomuli abafanelekile abanezikweletu ezisilele emuva ezilokhu zikhula. Emva kokugunyazwa koxhaso lwe-EEDBS oluncike eholweni oluhlanganiswe labanikazi bomuzi, isikweletu sakho esisilele emuva sibe sesesulwa bese-ke i-akhawunti yakho ingabe isakweleta lutho. Kubeke sekulungiswa amaphepha okwedlulisela indlu bese enikezwa abameli abaqokiwe ukuze bedlulisele indlu. Abahlomuli ababinawo umthwalo wokukhokha izindleko kwazise zonke izindleko zokwedluliselwa kwendlu zithwalwa nguMnyango Wezokuhlaliswa kwabantu. Emva kokurejistwa, amahhovisi oMnyango Wezokuhlaliswa kwabantu noma emcimbini osingathwa nguNgqongqoshe wesifundazwe kube sekunikezelwa ngamatayitela kumuntu ngamunye.

Abanye omasipala banemithetho eqinile futhi badinga isitifiketi sesigaba 18(4) ngaphambi kokuba kwedluliselwe indlu. UMasipala uyaye ukhiphe lesi sitifiketi emva kokuhlolwa kwendlu yakho kanti-ke uma izinguquko noma ukunwetshwa kwendlu yakho kwenziwe ngaphandle kwepulani yokwakha egunyaziwe, ukwedluliselwa kwendlu yakho kuyomiswa kuze kube uveza ipulani yokwakha bese iyagunyazwa kumbe ucelwe ukuba ubhidlize leyo ngxenye exhunyiwe.